Isiqondiso sokukusiza ukuba udle ukudla okunempilo, usebenzisa ukudla ongase ukwazi ukukuthola.
Uma unesifo esingamahlalakhona (njengofuba, umdlavuza noma ingculaza) kubaluleke kakhulu ukuba udle ukudla okunempilo. Ukukhetha indlela yokudla enempilo kungakusiza ukuba ulwisane nezifo futhi kukusize ukuba ubhekane ngokuphumelelayo nokugula. Ukudla ukudla okunempilo akusho ukuthenga ukudla okukhethekile, okumba eqolo! Ukudla ukudla okunempilo kusho ukukukhetha ngokuhlakanipha ukudla okuzokunikeza w onke umsoco umzimba w akho ow udingayo. Leli pheshana lizokusiza ukuba ukhethe ukudla okunempilokulokho ongase ukwazi ukukuthola.
Zama ukudla izinhlobo eziningi zokudla ngangokunokwenzeka. Lokhu kuzokusiza ukuba uthole wonke umsoco odingw a umzimba w akho. Umsoco uyizakhi ezitholakala ekudleni. Kukhona izinhlobonhlobo zomsoco ezitholakala ekudleni, okungukuthi amaprotheni, ama-carbohydrate, amafutha, amavithamini namaminerali. Wonke umsoco odingwa umzimba w akho aw utholakali ohlotsheni olulodwa nje kuphela lokudla, ngakho-keudingaukudla izinhlobo eziningi zokudla. Kuhle ukudla ngezikhathi ezihleliw e. Zama ukudla okungenani kathathu ngosuku. Uma kungenzeka, zama futhi ukudla naphakathinezikhathi ezihleliwe, ikakhulu uma uwumuntu odla kancane.
Ukudla okuyisisekelo makuphakwe kakhulu ukwedlula okunye okuhambisana nakho. Ukudla okuyisisekelo kungaba iphalishi, isinkwa, irayisi, amazambane nanoma yikuphi okunye ukudla okunesitashi ongakuthola. Okuningi kw alokhu kudla kushibhile. Ukuze wenze ukudla okunempilo, yenezela ekudleni okunesitashi noma yikuphi okunye ukudla ongakuthola, njengemifino, ubhontshisi, amaqanda noma izithelo.
Imifino nezithelo kunikeza amavithamini neminye imisoco edingwa umzimba ukuze ugcine isimiso sokuzivikela sinamandla. Zama ukudla izinhlobo eziningana zemifino nezithelo nsuku zonke. Imifino nezithelo okuphuzi ngokujiyile, okunombala osawolintshi noma oluhlaza okotshani njengesipinashi, umbido, ithanga, izaqathe nopopo kunovithamini A omningi. Uvithamini A usiza ekugcineni isimisosokuzivikela sinamandla. Zama ukudla okungenaniuhlobo olulodwa lomfino noma lwesithelo olucebe ngovithamini A nsuku zonke.
Eminye imifino nezithelo ikhiqiza uvithamini C omningi, osiza ukulw isana nezifo. Izibonelo zalokhu izithelo ezinjengamawolintshi, amanantshi, upapamuzi nolamula, kanye notamatisi, umango, ugw ava, iklabishi namazambane. Zama ukudla imifino nezithelo okucebe kakhulu ngovithaminiC nsuku zonke.
Zama ukudla okungenani izinhlobo ezinhlanu zemifino noma zezithelo ngosuku. Ukuze ukwenze kuvumelane namandla akho, qala manje utshale imbewu yemifino nesihlahla esisodwa noma ezimbii zezithelo. Awudingi indawo enkulu ukuze wenze lokhu, futhi ungasebenzisa ngisho nezitsha zokutshala ukuze utshale imifino enempilo neluhlaza. Uma kungenandawo ekhaya, kunganiungangeneliumkhankaso womphakathi wokutshala izingadi, noma usize ekuqaliseni umkhankaso wokutshala izingadi emtholampilo wangakini. Ungaqala futhi ukutshala ingadi yakho encane kanye nabangane bakho.
Uma izithelo zibiza kakhulu, thenga imifino eminingi esikhundleni sazo. Ithanga, amazambane, ubhatata, izaqathe, isipinashi notamatisi ziyibhamama ngoba zinikeza amavithamini namamineraliamaningi ngaphandle kokumba eqolo. Pheka imifino ngamanzi amancane. Khona-ke la manzi angabe esesetshenziselw a ukwenza isobho noma isitshulu - noma uwaphuze ukuze uqiniseke ukuthi umsoco osemanzini awuchithwa. Imithi yasendle ezimilelayo njengembuya noma ucadolo oyikha endle nayo iyindlela enhleyokuqinisekisa ukuthi udla imifino eyanele. Abantu abaningi bathenga imifino nezithelo kubantu abathengisa emgwaqw eni. Ngezinye izikhathibashibhile kunasezitolo kantibafinyeleleka kalula.
Thenga imifino nezithelo okugcinwe emthunzini ngoba ilanga liqeda umsoco omningi obalulekile.
Thengaimifino nezithelo okutholakala ngaleyo nkathi yonyaka, njengoba kusuke kushibhile.
Ukudla okutholakala ezilw aneni njengenkukhu, inhlanzi, inyama, ubisi noma amaqanda kungase kudliw e nsuku zonke. Nokho, okunye kwalokhu kudla, ikakhulukazi inkukhu, inhlanzi nenyama ngokuvamile kubiza kakhulu.
Ukufuya izinkukhu, onogwaja, izimvu, izimbuzi nanoma yiziphi ezinye izilwane ekhaya kungakunika inyama, amaqanda ngisho nobisi.
Ungajabulela nokunye ukudla okunamaprotheni njengesibindi, izinso, inhliziyo, ubuchopho, amanqina, usu, inhlanzi esethinini, amasonja (amacimbi), amadumbe namaqanda..
Thenga ubisi loqobo kunokuthenga imifuziselo yobisi, okhilimu bekhofi nekhondensi. Lokhu kuyabiza ngoba mncane kakhulu umsoco otholakala kuzo.
Lapho ugula futhi inhliziyo imnyama, yenezela amafushana noma ushukela ekudleni kwakho. Lokhu kuzokwenza ukuba ukudla kunambitheke kangconyw ana futhi kukusize uthole amandla engeziw e ngaphandle kokudla kakhulu.
Kujabulele ukuphuza amanzi ahlanzekile nalondekile - Awabizi futhi anempilo ukw edlula itiye nekhofi. Uma ungaqiniseki ukuthi amanzi ahlanzekile noma alondekile yini, mane uwabilise bese uwapholisa ngaphambi kokuba uwaphuze.
Utshwala busaphaza imali futhi bulahlekisela umzimba wakho umsoco. Kunalokho imali yakho yisebenzisele ukuthenga ukudla okunomsoco. Kubaluleke kakhulu ukuba ukugweme ukuphuza utshwala lapho usebenzisa imithi.
Yiba matasa kakhulu ngangokunokwenzeka lapho uzizwa kahle. Lokhu kuzokusiza ekugcineniizicubu zakho ziqinile. Ukunyakazisa umzimba njengokuhamba, ukusebenza engadini noma ukuhlanza indlu ngeke nje kukugcine uqinile, kodwa futhi kuzothuthukisa umuzwawakho wokuba ngumqemane.
Kucabangele ukunikela ngesikhathi sakho noma ukw enza izinkonzo ezithile ukuze uthole ukudla. Ungase usize esikoleni, esontweni, ekhishini noma ebhizinisini lokwenza isobho ukuze uthole ukudla okunempilo noma isikhwama sokudla.
Khetha ukudla okujabulelayo nokutholakalayo endaweni. Izibonelo ezilandelayo zingakusiza ngamacebiso okudla okulungiseleleka kalula nokunomsoco omningi nokho okutholakala ngamanani aphansi.
Pheka isitambu esinobhontshisi bese usixuba nesitshulu sikatamatisi no-anyanisi. Ungase futhi wenezele nodali kulokhu kudla ukuze kucebe.
Uma uzwa ungakuthandisisi kahle ukudla, phekaiphalishi elisuthisayo. Lokhu ungakwenza kanje: Pheka inkomishi eyodwa yempuphu yommbila. Yenezela izipuni ezintathu ezincane ezigcwele zobisi lwempuphu, isipuni esincane esisodwa samafutha noma ubhotela nezipuni ezincane ezimbili zikashukela ephalishini bese ugoqoza.
Ukuzewenzele wonke umkhaya amaqebelengwane enhlanzi ungase ubhuce ithini elilodwa elikhulu lesadini (pilchards)(khumbula ukuba usebenzise namathambo) futhi ulihlanganise nohhafu wenkomishi kafulawawamakhekhe noma wesinkwa. Yenezela amaqanda amathathu achotshoziwe futhiuwagoqozisise. Kwenze kube amaqebelengwane amancanyana bese ukuthosa ngamafutha amancane. Kuphake nepapa elimanzi, amazambane abondiwe noma nesinkwa kanye nanoma yimiphi imifino eluhlaza evunwe engadini yakho.
Thosa u-anyanisi, utamatisi neklabishi okuvunwe engadini yakho, yenezela izingxenye zenyama yenkukhu futhi uyibilise ize ithambe. Yenezela izinongobese ukuphaka nokudla okunesitashiokuthandw a inhliziyo yakho.
Yidla izinhlobonhlobo eziningi zokudla okunempilo ukuze ugcine isimiso sakho sokuzivikela sinamandla okukuvikela ezifweni.
Qiniseka ukuthi uyawabuyisela amanzi nosawoti okulahlekayo ngenxa yohudo nokuhlanza.
Yidla ukudla okuthandayo - khetha ukudla ongase ukw azi ukukubekezelela, ukuze ugw eme ukungondleki.
Yidla ukudla okuncaneizikhawu eziningiuma ungakwazi ukudla ukudla okugcwele ngesikhathi esisodwa.
